Meyerton - Akukaqondakali kahle ukuthi yini eholele ekubulaweni kowesilisa emagcekeni ebhizinisi lakhe eMeyerton.
Amaphoyisa aseMeyerton aqinisekisile ukuvulwa kwecala lokubulala ngemuva kokutholakala kwababili bedindilizile.
Ngokusho kukaConstable Maria Letsele otshele abe-Sedibeng Ster ukuthi owesilisa uvakashele owayenguphathina wakhe kwezamabhizinisi wafike wamdubula amahlandla ambalwa.
OLUNYE UDABA:Usomabhizinisi uzosiza ngezindleko zomngcwabo kaLundi - Umbiko
Lo mlisa usuke lapho waphendula isibhamu wasibhekisa ngakyena wazidubula naye sakhonela khona lapho.
Lokhu kwenzeke ekuseni ngoMgqibelo kanti uLetsele uthe amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko.