Durban – Owesilisa uphuthunyiswe esibhedlela esingaseThekwini ngemuva kokushaywa yinyoka ngoMsombuluko ntambama, kusho abosizo lokuqala.
Ngokusho kokhulumela iNetcare911, uChris Botha, uthe le ndoda ibisebenza ngesikhathi ishaywa yinyoka okukholakala ukuthi yibululu.
Imibiko itshengisa ukuthi le ndoda ibiqoqa izingodo ngesikhathi le nyoka iyiluma esandleni.
OLUNYE UDABA: Kube nzima kubazali bengane eshaywe yinyoka
Abosizo lokuqala banikeze le ndoda usizo endaweni yesigameko base beyidlulisela esibhedlela esiseChatsworth.
Sekube nemibiko eminingi yabantu abashaywa yizinyoka, ngoba kuthiwa ziphuma zithi chithi saka ngemuva kwemvula enkulu yokuqala.