Johannesburg - UJohn Botshabelo, 42, uvele eNkantolo yeMantshi yasePotchefstroom ngezinsolo zokubulala intombi yakhe ePromosa, e-Ikageng.
Amaphoyisa aseNorth West athi uBotshabelo uzogqunywa esitokisini kube nguLwesihlanu, lapho ezofaka khona isicelo sebheyili, kubika i-African News Agency.
Zimkhalele ngemuva kwezinsolo zokubulala intombi yakhe ngeSonto.
OLUNYE UDABA: Kuphume izidumbu intombi ibanjwa neshende
Amaphoyisa alunywe indlebe, ase enikela endaweni yesigameko athola isidumbu ePromosa.
Amaphoyisa athi ahlabe isoka lukamufi ngemibuzo, wavuma ukuthi nguye obulale intombi yakhe ngemuva kokuyinklinya.
UBotshabelo ube esebekwa icala lokubulala.