Verulam – Kubizwe abezimo eziphuthumayo esitolo sakwa-PEP ekuseni ngoLwesithathu owesimame okhulelwe esesikwa.
Abe-Reaction Unit South Africa baphuthume kulesi sitolo bathola owesimame exineke kakhulu.
Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ekuseni ngo-9 kanti lo wesimame oneminyaka engu-24 ubudala ubelethe ingane yomfana.
OLUNYE UDABA:Owesifazane ubelethele ebhanoyini lisemoyeni
Abaphathi balesi sitolo bavalile okwesikhashana ngemuba kokuba kugcwale izinkumbi zabantu bebuka okwenzekayo.
Abasebenzi yibona abasize abosizo oluphuthumayo ukubelethisa lo wesimame othole isibutubutwana sengane yomfana engu-9kg.
Lo wesimame kanye nengane yakhe baphuthunyiswe esibhedlela Osindisweni.