Share

Owezempilo eKZN uxwayisa ngokuchathwa kwezingane

Durban - UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukhiphe isixwayiso mayelana nokuchathwa kwezingane ezincane ngamakhambi ahlukene.

Lo mnyango ukhala ngokunyuka kwezibalo zezingane ezingeniswa ezibhedlela ngenxa yezinkinga ezidalwa ukuchathwa.

OLUNYE UDABA: Igxekiwe eyokuhlaselwa kwabezimo eziphuthumayo e-KZN

Ngokombiko weSolezwe izingane zisuke zichathelwa ukukhishwa inyoni noma ukuthambisa isisu uma ziqunjelwe.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo uthe la makhambi okuchathwa ngawo izingane anobungozi futhi asuke engaphasisiwe ngabe-Medical Control Council (MCC) ngaphansi kowe-Medical Control Act.

UDhlomo uxwayise ngokuthi amakhambi asetshenziselwa ukuchatha izingane anobungozi ezinganeni.

"Sikhathazekile ngokuqhubekayo kanti sikhuthaza abazali nalabo abazigadayo ukuba baziphuthumise ezibhedlela uma izingane zigula ukuze zizolashwa, kulokhu kubaklwa nabantu abadala imbala," kusho uDhlomo.

ITimesLive ibike ukuthi uDhlomo weluleke abazali ukuba benzele izingane zabo amanzi anoshuke nosawoti uma zigula zikhishwa yizisu: ama-teaspoon ashukela angu-8 ne-teaspoon elilodwa likasawoti ufakwe kwilitha yamanzi abilile mase epholiswa ngabandayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 479 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1046 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE