Johannesburg – Sebetakulwe bonke abavukuzi abebevaleleke emgodini eLily Mine eMpumalanga, endaweni yaseNkomazi edilike ngoLwesihlanu ekuseni, kusho abosizo lokuqala.
"Imibiko yokuqala ithe kuvaleleke abavukuzi abangu-100 emgodini, esikwaziyo manje ukuthi bonke abavukuzi abangu-76 sebekhishwelwe ngaphandle,” kusho okhulumela i-ER24 uRussel Meiring.
Funda nalolu daba: Uzibulele ozame ukubulala amadodana akhe
Kodwa noma kunjalo, bathathu abantu abangaziwa ukuthi baphi okwamanje. Bekungebona kodwa abavukuzi, usho kanje.
UMeiring uthe imizamo yokuthola abathathu iyaqhubeka.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.