Share

Sikhala ngentukuthelo yamadlozi isangoma esiqolwe esinye

Pretoria - UCaroline Mathe oyisangoma uthi amadlozi amthukuthelele kabi ngokuqolw aesinye ‘isangoma’.

Lesi sangoma esineminyaka engu-39 ubudala saseSoshanguve, eTshwane sithi amadlozi athukuzele ngemuva kokuba siqolwe ngesinye ‘isangoma’ imali engu-R250 000 kanye nenye adayisa ngayo imoto yakhe.

“Ngangihleli emotweni eSoshanguve Crossing Mall ngesikhathi efika kumina ethi amadlozi ami amthume ukuba azongazisa ukuthi kunenkinga yomlenze. Wayekhuluma iqiniso ngoba imilenze yami yayibuhlungu,”usho kanje.

UCaroline uqhube wathi uTimothy wamtshela ukuthi unamabhadi ngenxa yemali ayigcinile.

“Ngaya endlini eSoshanguve ne-trunk eligcwele imali. Wafaka into emhlophe esampuphu, nokwathi uma eyiphephetha, kwavela inombolo yocingo.”

Funda nalolu daba: Angase aphule ngempelasonto esibhedlela uNgqongqoshe

UTimothy wamtshela ukuthi imali ayiphethe ayanele, udinga omunye u-R30 000. Wathi amadlozi akhe amnike inamba okumele ayifonele ukuze adayise imoto yakhe.

“Ngavuma ngoba ngangisezinhlungwini. Ngayidayisa imoto yami ngo-R20 000 ngoba kwakungekho engangingwakwenza.”

UCaroline imali wayishiya kuTimothy. Ngesikhathi esezama ukumthola ngosuku olulandelayo, wayengasatholakali.

“Amadlozi athukuthele, angisakwazi nokuhlola.”

UConstable Reneilwe Makwalo uthe uCaroline kumele avule icala.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 503 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 524 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
920.40
-1.1%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,322.61
-0.2%
Silver
27.34
+0.6%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE