Share

Sikhumula sibe nqunu isipoki phakathi nomgwaqo ePMB

Durban - Uvele ame phakathi nomgwaqo owesifazane egqoke ingubo emnyama emfishane.

Kanti uma abashayeli besondela nganeno uvele akhumule asale enqunu.

Kodwa lo wesifazane akaguli ngokwengqondo futhi akasiye umgqwayizi, ngokusho kwabazibonelayo bathi lo yisipoki.

Okulandela lapho yingozi, kusho abantu asebake babhekana nale nkinga e-Elandskop ngaphandle kwaseMgungundlovu KwaZulu-Natal.

Abashayeli bavele bashaqeke mase beyahluleka ukulawula izimoto.  

OLUNYE UDABA: 'Ngipokelwa unkosikazi ethi ufuna senze ucansi'

Ngokusho kwesakhamuzi lesi sipoki saqala ukubonakala esitobhini sebhasi kusukela ngonyaka wango-2005.

Izakhamuzi zikholwa wukuthi siphuma emathuneni angasesitobhini sebhasi.

Induna uRobert Ngcobo, 69, uthe izakhamuzi zazifuna ukubiza ibandla lakwaShembe ukuze lizokwenza umcimbi wokugeza indawo.

UMengameli wehlangano yabalaphi bendabuko eNingizimu Afrika uSazi Mhlongo uthe inyanga enamadla kuphela engasiza.

Okhulumela abomnyango wezokuThutha uKwanele Ncalane uqinisekise ukuthi izingozi eziningi zenzeka kuleziya ndawo.

UMhlaliseni Hlatshwayo webandla lakwaShembe uthe: Singaya lapho namakhandlela amhlophe siyothandaza, kubika iDaily Sun.

“Siyibandla elinamandla asikho isipoki esingasehlula.”

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter    

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook     

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Now that e-tolls gantries have been switched off, will you be settling your outstanding debt?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No way, they're not getting a cent from me
88% - 2236 votes
Yes, I guess it's the right thing to do
3% - 87 votes
Mmh, I'm watching legal cases and playing it by ear
9% - 229 votes
Vote
Rand - Dollar
19.03
-0.1%
Rand - Pound
23.73
-0.2%
Rand - Euro
20.32
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.26
-0.2%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
953.10
+0.0%
Palladium
1,037.00
+0.2%
Gold
2,379.11
+0.8%
Silver
28.42
+0.7%
Brent-ruolie
87.29
-3.1%
Top 40
66,811
-0.1%
All Share
72,872
-0.2%
Resource 10
62,713
-1.1%
Industrial 25
97,959
+0.1%
Financial 15
15,413
+0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE