Johannesburg - Isalukazi saseManzimtoti sisinde kukubi sitinyelwa yizinyosi okuthiwa zisishiye namadosi ezinyosi ayizinkulungwane, kusho oweNetcare911 uChris Botha.
UBotha uthi bathole ucingo ntambama ngoMgqibelo luvela endodeni yaseDoonside ngomndeni ohlaselwe yizinyosi.
"Njengoba nami nginazo izinyosi engizifuyile, izingubo zokuzivikela ngihlezi nginazo emotweni, ngibe senginikela endaweni yesigameko," kusho uBotha.
OLUNYE UDABA: Izinyosi zihlasele izingane ezikhubazekile
Uthe lesi salukazi sitinyelwe yizinyosi umzimba wonke.
Uthe izinyosi ziphazanyiswe yizingane ezizijikijele ngamatshe zizifica ethayini lemoto elidala.
Kuthiwa lesi salukazi besidlula ngendlela ngesikhathi sitinyelwa yizinyosi.