Share

Sizinqume uqhoqhoqho isiguli esiphazamisekile ngokomqondo

Johannesburg – Sesiphinde satholakala sisephutheni isibhedlela iBheki Mlangeni, esasaziwa ngokuthi yiZola-Jabulani Hospital kulandela isigameko sakamuva esiphinde sagqamisa ukunganakekelwa ngendlela kweziguli eziphazamisekile ngokomqondo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uThabang Xaba, 20, ophazamisekile emqondweni, ezinqume uqhoqhoqho ngemuva kokungeniswa kulesi sibhedlela esiseSoweto ngoMsombuluko.

UXaba ube esephuthunyiswa eChris Hani Baragwanath Academic Hospital esisemweni esibucayi.

Umama kaXaba, uHummy Xaba, uthi lesi sibhedlela sihlulekile ukuqinisekisa ukuthi indodana yakhe bayayibopha noma bayidake ngemijovo ngesikhathi ingeniswa kulesi sibhedlela.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umama owabulala izingane zakhe ngokuzigwilizisa kubhavu

Uthi indodana yakhe wayiphuthumisa emtholampilo yabe isidluliselwa kulesi sibhedlela ngesikhathi kubonakala ukuthi isimo sayo asikho sihle.

UHummy uthi ufike nendodana yakhe ezintatha ngoMsombuluko esibhemdlela kepha wangasizwa ngalutho yize bekubonakala ukuthi uXaba uvukwe wukugula. Uthi uXaba uze wangeniswa esibhedlela ngabo-14:00.

Uqhuba ngokuthi uthe bekungakapheli ngisho amahora amabili ebuyile esibhedlela watshelwa ukuthi akabuye ngoba sekukhona okwenzekile.

“Ngithe uma ngifika esibhedlela ngatshelwa ukuthi uThabang uzinqume uqhoqhoqho, amanesi athi unikezwe esinye isiguli ummese,” kusho uHummy.

Thola udaba oluphelele kwiSowetan.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 456 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 652 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.0%
Rand - Pound
23.91
-0.0%
Rand - Euro
20.41
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Platinum
908.05
+1.2%
Palladium
1,014.94
+1.3%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE