Share

UBabo noSjava benze ezibukwayo EBuhleni ngeSonto

Durban - Okwenzeke EBuhleni ngeSonto bekungaphezu komcimbi kodwa kube wumkhosi obe yimpumelelo kakhulu.

Amaciko ahlukahlukene abeshiyelana inkundla enandisa ngomculo wowokholo. Ikwaya yeNabachu ifike yashukumisa inkundla ngengoma ebongelela uNyaziLwezulu, kuthe kusabhekwe lokhu, kwangena izintokazi ezimbili ezisencane zashaya imizwilili emibili epholile.

Luqhubeke njalo uhlelo kushintshana izikhulumi okubalwa kuzo noNgqongqoshe wezeMpilo uSibongiseni Dlomo ofike ebandleni wadlulisa ukubonga kwakhe ngokuhlanganyela nebandla.

OLUNYE UDABA:Selidumela emasumpeni ngomcimbi we-Dundee July

UDlomo uzwakalise nokuxolisa ngokuthi ngeke akwazi ukuhlala umcimbi uze uphele ngoba uphuthuma esikhumulweni sezindiza njengoba ezohamba nomsebenzi.

Yize kunjalo umcimbi uqhubekele phambili. Ukungena esiteji kukaBabo Ngcobo kushukumise inkundla.

Lo mculi uvule ngengoma ethandwa kakhulu ethi, Thixo Mkhululi. 

UBabo ubonge isimemo, wathi:"Mina ngikhulele kule ndawo futhi ngizizwe ngibusekile ngokumenywa kule ndawo ehlonipheke ngale ndlela."

Eseshaya ingoma yesibili, uBabo ugxume esiteji eshaya imidanso ehlukahlukene.

Kuphume uBabo kwangena ikwaya yeNatesa nayo eshaye ingoma ecokeme kakhulu. Singamshiya kanjani u-Ayanda Msweli, esimbone evukwa wusinga ethula inkulumo yakhe, wajabulisa abantu akekho obekangahleki. Inkulumo kaMsweli iqale yaze yaphela abantu befile yinsini.

Abantu bebecabanga ukuthi sekuphelile ukunandisa osaziwayo, kanti cha, lukhulu okusalindiwe.

USjava, ongumculi we-Afro Soul othandwa kakhulu kuleli, wenze ezibukwayo eBandleni.

Ugibele esiteji nenqwaba yezingane zicula futhi zidansa naye. Izingane zihlule nokuzibamba zatheleka zonke zizungeze isteji ubungafuna ukuthi sisekhonsathini kunandisa uSjava.

Ngisho eseqedile bekufana nokuthi umcimbi usuphelile ngoba izingane zonke zihambe naye, umuntu ngamunye efuna ithuba lakhe lokuthatha isithombe nalo saziwayo.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 475 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1039 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE