Durban - Amalungu ebandla lamaNazaretha eBuhleni aphume ngobuningi babo ukuzogubha iminyaka engu-107 kwasungulwa lelibandla.
Yize kunjalo kugujwa futhi iminyaka engu-38 kwavulwa uMuzi waseBuhleni. INkosi uNyazi Lwezulu okuyiyona evule lomcimbi ngokusosikweni uncome ubuqhawe, nesibindi seNkosi uNyangayeZulu ngoluvula lomuzi. Uthi abantu avame njalo futhi bahambe njalo ezinyathelweni zeNkosi.
UNyazi luthi noma bekhona bebezama ukumcindezela kodwa wama njalo eqinisweni lakhe. Unxuse amalungu ebandla ukuba ame njalo ezwini ngokuthembeka nangokuzinikela.
OLUNYE UDABA:Babuyela eBuhleni abawine ecaleni lakwaShembe
Bekukuhle kudelile kuleli bandla, yize iningi lamalungu aleli abevazathile, kube kuhle kakhulu ukubona izifundiswa zigqoke amajazi eziqu zabo.
Omunye wezikhulumi, uncome kakhulu ubuhle abulawa malungu wagqugquzela nabanye abasafunda ngokubaluleka kokusebenzisa imfundo yabo ukuthuthukisa kanye nokusimamisa ibandla.
Lo mcimbi ovame ukuba minyaka yonke uhlelwa wuphiko lwentsha yaleli bandla iNABCHU uhlanganisa ukugujwa iminyaka engu-107 kwasungulwa ibandla lamaNazaretha, kuyo le nyanga kubuye kugujwe ukuzalwa kweNkosi uNyangayeZulu ngomhlaka 6 kwephezulu futhi ekupheleni komcimbi kungena inkosi yesikhumbuzo sale Nkosi eyakhothama ngayo le nyanga.
Kulo mcimbi bekumenywe osaziwayo abakhethekile umculi we-Afro soul uSjava, umculi wowokholo uBabo Ngcobo kanye nomethuli wesimo semigwaqo u-Ayanda Msweli.