Johannesburg - Umethuli wezinhlelo kuMetro FM uCriselda Dudumashe uthathele ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngesikweletu sikaVodacom.
Le ntokazi ithi ithuke yacishe yaquleka ithola ukuthiikweleta uVodacom R43 000 ngama-Data.
UCriselda watshela abeSunday Sun ngoLwesine ukuthi inkinga yakhe isixazululiwe ngemuva kokukhokha uR13 000.
OLUNYE UDABA:Owe-EFF ukhwele wadilika ku-Vodacom ngokubiza kwama-data
“Basehlisile lesi sikweletu, ukuthi angazi noma basehlise ngoba nakhu ngingusaziwayo noma ngoba ngiyikhasimende elifana namanye amakhasimende,” kusho yena.
Uqhubeke wathi ukhokhe imali engangoR13000 ukuze ucingo lwakhe luqhubeke nokusebenza, kubika iSunday World.