Durban - Udedelwe ngebheyili eNkantolo yeMantshi yaseNquthu enyakatho naKwaZulu-Natal owesifazane osolwa ngokuhlukumeza ingane eneminyaka engu-9 ubudala.
UNkeletseng Ngobese udedelwe ngebheyili yemali engu-R1 000.
Kwasabalala ivideo ezinkundleni zokuxhumana etshengisa uNgobese etalabha kanzima ingane yomfana ngemvubu eyibophele esigxobeni.
OLUNYE UDABA: Umfana 14 ulahlwe elokudlwengula intombazane ena-9
Lesi sigameko sokushaywa kwale ngane eNquthu sashaqisa omakhelwane bakaNgobese.
Abanye bomakhelwane mazama ukulekelela ingane kodwa kusolwa ukuthi uNgobese wayebashaya ngamatshe.
Sekuphinde kwezwakala nokuthi le ngane ayinabo abazali kanti njengamanaje igcinwe endaweni ephephile kulandela isehlakalo, kubika i-SABC.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho