Durban – Ukuhloma indodakazi yakhe imibuzo kwaholela ekutheni owesifazane waKwaZulu-Natal athole ukuthi umyeni wakhe sekuphele iminyaka emibili edlwengula indodakazi yakhe.
INkantolo yesiFunda yasoLundi igwebe le ndoda, 25, udilikajele ngokudlwengula indodakazi yakhe angayizali, 16, kusho owamaphoyisa UMajor Thulani Zwane.
“Kuthiwa ummangalelwa waqala ukudlwengula le ngane ngo-2012, waze wabanjwa ngo-2014.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umama oshaye walimaza angayizali
“Umama wale ngane wafika ekhaya ngelinye ilanga ingekho, kwathi uma eyibuza ukuthi iphumaphi yathi ibivakashele abangani. Umama akazange agculiseke ngale mpendulo.
“Kuthiwa umama waqhubeka nokupheka le ngane ngemibuzo, yagcina ithi ikhetha ukutshela amaphoyisa ngokwenzekile. Kwabe sekuvela ukuthi ibidlwengulwa ngubaba wayo.”
Zabe sezimkhalela kanjalo ubaba.