Durban – Umlisa owadlwengula ephindelela intombazane eneminyaka eyishumi ubudala eZimbokodweni Reserve, KwaMakhutha, KwaZulu-Natal, ugwetshwe udilikajele, kusho amaphoyisa.
UMajor Thulani Zwane ngoLwesine uthe iNkantolo yesiFunda eMlazi imthole enecala yaphinde yamgweba uMacdonald Mtembeniza, 30, ngokudlwengula ingane yentombazane.
Funda nalolu daba: Kuthungathwa 'odlwengule' abemthembise umsebenzi
"Inkantolo ikhiphe isigwebo ngemuva kokuthola ukuthi intombzane yahlukunyezwa kanjani ngumsolwa.”
"Umsolwa waqala ukudlwengula isisulu ngoJwanuwari 2015 lapho ayesibizela khona endlini yakhe, asidlwengule asisabise ngokusibulala uma singatshela omunye umuntu ngalolu daba. Lokhu waqhubeka kwazekwaba isisulu sibuzwa umuntu omdabala wakubo esibona singaphaphekile kahle.”
Kwabikelwa amaphoyisa, kwavulwa icala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.