Cape Town – INkantolo yesiFunda yaseVredenburg imgwebe udilikajele ubaba ngamacala okunukubeza nokudlwengula indodakazi yakhe isikhathi esiyiminyaka eyisishiyagalombili.
Ubaba nale ngane bebehlala eVredenburg, eWestern Cape, bobabili, kanti umama ubehlala kwenye indawo.
Okhulumela amaphoyisa u-Andre Traut uthe lo baba waqala ukunukubeza le ngane ngokocansi ngo-2008 ineminyaka engu-9 ubudala. Kwathi isineminyaka engu-15 ubudala waqala wayidlwengula.
OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili umfundisi osolwa ngelokudlwengula
Le ngane kuthiwa yaqala ukuphaphama ngonyaka owedlule, isineminyaka engu-17 ubudala, lapho isibona khona ukuthi ubaba wayo uyayihlukumeza yabe isibikela amaphoyisa ngJulayi
UTraut uthe amaphoyisa ayasamukela isigwebo esehliselwe lo baba.
"Ukusebenza kanzima nangokuzimisela kwamaphoyisa yikho okuholele ekutheni lo baba ashushiswe bese egwetshwa ngokushesha,” esho.
-ANA