Bloemfontein – Kudutshulwe kwabulawa umlisa phambi komndeni wakhe nabangani emzini oseThabong, eWelkom, kusho amaphoyisa aseFree State ngoMsombuluko.
USergeant Mamello Mokhuoane uthe isehlakalo senzeke ngeSonto ekuseni.
"Lo mlisa ubehleli nabangani bakhe kanye nomndeni ngesikhathi umlisa ongaziwa ekhahlela isicabha savuleka wabe esemdubula kanye emqaleni, ngemuva kwalokho wabaleka,” usho kanje.
Funda nalolu daba: Wamukelwe ngenhlokomo uZuma
Lo mlisa oneminyaka engu-34 ubudala ushonele khona lapho. Imbangela kokubulawa kwakhe ibingakaziwa.
Bekungakaboshwa muntu okwamanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.