Share

Ufuna u-R10m othi wadutshulwa ngamaphoyisa

Durban - Ufuna ubulungiswa owesilisa waKwaCeza oNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal othi wadutshulwa ngamaphoyisa engenzanga lutho, kubika iphephandaba ILANGA.

UThokozani Ntuli,48, uthi ufuna umthetho wenze okufanele njengoba esephila kabuhlungu kulandela ukuhlaselwa ngamaphoyisa esemzini wakhe ngoMashi, amshaya amdubula.

Uthi abalelwa kwangu-8 amaphoyisa afika kwakhe amdubula esiswini nasenqulwini ngezithuba zabo-12 ebusuku ngemuva kwalokho amhambisa esibhedlela KwaCeza.

Lona wesilisa uthi kumanje uhamba ngenduku kanti ufuna izwe lazi ukuthi wadutshulelwa into angayazi.

“Okungiphatha kabi ukuthi la maphoyisa aqamba amanga esibhedlela athi angithola esigangeni ngilimele, yingakho enginike usizo,” kusho uNtuli.

Funda nalolu daba: Uboshiwe oshaywe yiqulu esolwa ngokubulal aowesifazane

Uthi kwakunzima ukuzikhulumela besasesibhedlela njengoba isimo sakhe sasibucayi kakhulu.

Ummeli wesisulu, u-Mule Abdullah, uthi amaphoyisa avuma ukuthi adubula uNtuli kodwa athi wona abona umuntu eduze komuzi kaNtuli abesevulela ngenhlamvu ngemuva kokuba ezwe abantu bethi awadutshulwe amaphoyisa.

Uqhube wathi ufuna u-R10 million hhayi okunye.

Okhulumela i-IPID, uRobbie Raburabu, uthi amaphoyisa athi ayeziphindisela.

Uthi bayaphenya ngalolu daba nokuzothi uma sebeqedile baludlulisele kuMvikeli woMphakathi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 432 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 614 votes
Vote
Rand - Dollar
18.96
-0.1%
Rand - Pound
23.92
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.35
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.1%
Platinum
908.05
+1.2%
Palladium
1,014.94
+1.3%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE