Durban – Uthi ufuna ukunxeshezelwa ngenkomo owesifazane waseMgababa, eningizimu yeTheku, othi unesi umhlambalaze phambi kukamama wakhe nabanye abantu wadalula ukuthi une-HIV.
Lo wesifazane, onesandulela ngculazi, udinwe ukhahlela izidindi ngathi kwenziwe ngumhlengikazi wasesibhedlela i-GJ Crooks, eScottburgh.
Kuthiwa unesi kulesi sibhedlela uvezele umama kalo wesifazane ukuthi une-HIV kubuka abantu kwesinye sezitolo zokudla.
Lo wesifazane uthi lokhu kwamphoxa kakhulu njengoba ebazi abantu abasebenza kulesi sikole futhi behlala ngakubo.
OLUNYE UDABA: Ukhale ngaphansi obefuna ukunxeshezelwa
Uthi uzitshelile iziphathimandla zesibhedlela ukuthi ufuna ukuhlawulwa ngenkomo agezwe, isisebenzi siphinde sixolise kumama wakhe.
Uthi lesi sigameko senzeka ngoMeyi nonyaka.
“Lo nesi wabuza umama wami ukuthi kungani ngingasayi kolanda imishanguzo yokuthithibalisa i-HIV esibhedlela. Lokhu kwamthusa kakhulu umama ngoba angikaze ngimtshele ukuthi nginalesi sifo,” esho.
Thola udaba oluphelele ephephandabeni iLANGA.