Johannesburg - Ukusabalala kwevideo yomshayeli wetekisi ehilizisana nowesifazane kushiye izakhamuzi zakuleli zibambe ongezansi.
Le video isabalale enkundleni yezokuxhumana iFacebook.
Kule video lo mshayeli uzame ukukhipha ngodli lo wesifazane etekisini futhi uzwakala emchapha nangenhlamba.
OLUNYE UDABA: Buka kukhishwa ngodli owesifazane etekisini, kukhale iselula
Ngemuva kokuba uMnyango wabantu besiFazane ubone le video ukhiphe isitatimende wanxusa izakhamuzi zakuleli ukuba kube khona ezikwenzayo ekulweni nodlame olubhekiswe kubantu besifazane.
"UMengameli Jacob Zuma nongqongqoshe uSusan Shabangu banxuse wonke amalungu akuleli ukuba angazibi uma kuhlukunyezwa abantu besifazane nezingane, kubika i-eNCA.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho