Share

Ukhala ngokuphucwa iqatha emlonyeni ophucwe imali esefikile kubaqwayizi

Katlehong - USimphiwe Dlomo usola amaphoyisa ngesihluku sokumphuca iqatha emlonyeni.

Lo mlisa utshele abeDaily Sun ngosizi lokuthathelwa imali abezoyisebenzisela ukukhokhela umqwayizi.

Lo mlisa oneminyaka engu-30 ubudala uthi ufike kule ndawo okusebenzela kuyo abaqwayizi eduze nomgwaqo ophithizelayo bathi akalethe imali beyiphethe kungenjalo uzoboshwa.

“Bekungekho engingakwenza ngaphandle kokulalela imiyalelo yamaphoyisa,” kusho uDlomo.

Uthi ubesosizini olukhulu ebona imoto yamaphoyisa ihamba no-R100 wakhe wokugcina kwazise nendlala ibingenhla.

UDlomo uthi lokhu kwenzeke ngoMsombuluko emgwaqeni wakudala iHeidelberg Road.

OLUNYE UDABA:Baphisane ngocansi abaqwayizi begubha inkululeko

Uthi uze wasizwa wumqwayizi omgcwalisele ngemali yokugibela agoduke ngoba esethathelwe imali yokugcina.

Abaqwayizi bakule ndawo bathi amaphoyisa abaphazamisa kakhulu emsebenzini wabo ngokuhlukumeza amakhasimende abo bawathathele nemali.

“Amakhasimende ethu ayahlukumezeka ngenxa yamaphoyisa awaphuca imali. Lokhu kuyinkinga ngoba ngeke akwazi ukukhononda njengoba izithandwa zawo zingazi ukuthi ayathenga,” kusho abaqwayizi.

La baqwayizi bathi iyaxaka indaba yamaphoyisa abatshela ukuthi akukho semthethweni lokhu abakwenzayo kodwa badayisa imizimba yabo hhayi eyawo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 397 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 559 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE