Johannesburg – UMulalo Netshunzhi, 23, unqume ukuziyisa kwagoqanyawo, kepha ngaphambi kokwenza lokho wazise umama wakhe nentombi yakhe ukuthi kungani ethatha lesi sinqumo.
UNetshunzhi kuthiwa uthumelele umama wakhe nentombi isithombe kuWhatsApp emi phezulu kombhede esezifake intambo emqaleni.
Umufi uphinde wathumela nomyalezo waxolisa kumama wakhe wase etshela intombi yakhe ukuthi uyazibulala ngenxa yayo.
Kuthe umama wakhe uma ethola umqhafazo, wathumela isihlobo sakhe eHoneydew, esicela ukuba siyovimba uNetshunzhi ukuba angazibulaleli lapho abeqashe khona.
OLUNYE UDABA: Uzilengisile umfundi obebanga ifa nomfowabo
Kuthiwa ubeshiye incwadi ethi ubezimisele ngokushada intombi yakhe, kepha yamphoxa.
Umastende, uThandiwe Magadla, 72, uthe ubuhlungu kakhulu ngento eyenziwe umufi, wamchaza njengengane ebithobekile.
Uthe ufuna umndeni kamufi uzogeza umuzi wakhe ukuze abanye abantu bengeke basabe ukuzoqasha kuwo.
Umzala kamufi, uJulia Mudau, uthe abazange banqabe ukugeza umuzi kaMagadla, inkinga kwaba ukungaxhumani kahle.