Share

Ukhokhelwe u-R180k owaboshwa ngokungemthetho nengane yakhe

eGoli - Owayesebenza ezindlini endaweni yaseBirchleigh ukhokhelwe imali engango-R180 000 ngokuboshwa ngokungemthetho amahora angu-72 enengane yakhe eminyakeni emibili eyedlule.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iKempton Express iNkantolo yesiFunda ePitoli iveze ukuthi ukuboshwa kwalo wesimame kwabe kungekho emthethweni wabe esefaka isimangalo kuNgqongqoshe wamaPhoyisa kanye noKhomishana kazwelonke ukuba bahlawule ngaloku.

“IMantshi ithe le nhlawulo ayisoze yaqhathaniswa nobuhlungu adlula kubo lo wesimame kanye nendodakazi yakhe,” kusho uFaith Munyati wenhlangano eyaziwa ngokuthi iLawyers for Human Rights.

Les sigameko senzeka ngomhlaka-7 Julayi 2015, lo wesimame ehamba emgwaqeni uStasie ebheke esiteshini sesitimela eBirchleigh.

Ngesikhathi efika esiteshini, wamiswe amaphoyisa amabili embuza ukuthi uphumaphi nokuthi uhlala kuphi.

OLUNYE UDABA:Sifune inhlawulo isangoma 'ebesishayela sibundlonyile'

“Wawatshela ukuthi uvela emsebenzini futhi ulibangise ekhaya lapho ahlala khona eTembisa,” kusho uMunyati.

La maphoyisa acela ukubona umazisi wakhe, wathi uma ewukhipha futhi utshengisa ngokusobala ukuthi yize engeyena owakuleli kodwa ulapha ngokusomthethweni.

La maphoyisa avuma ukuthi umazisi wakhe usemthethweni kodwa isitembu esifungelwe sesiphelelwe yisikhathi, waboshwa khona lapho wabekwa icala lokuba kuleli ngokungemthetho.

“Lokhu okwenziwa ngamaphoyisa kwakungekho emthethweni futhi ayengafanele ukuvuma ukuthi amaphepha akhe asemthethweni ajike lapho amubophe,” kuqhubeka lo mmeli.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 372 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 784 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
+0.1%
Rand - Pound
23.85
-0.1%
Rand - Euro
20.43
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.30
+0.0%
Rand - Yen
0.12
+0.0%
Platinum
943.30
-0.8%
Palladium
1,021.50
-0.8%
Gold
2,383.80
+0.2%
Silver
28.42
+0.7%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,069
-0.2%
All Share
73,117
-0.2%
Resource 10
62,902
-0.6%
Industrial 25
98,469
+0.1%
Financial 15
15,467
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE