Cape Town – Kushone abantu ababili kwalimala abathathu ngesikhathi imoto ingalawuleki eKraaifontein, eKapa ngeSonto ekuseni, kusho abosizo lokuqala eWestern Cape.
"Kusolwa ukuthi enye yezimoto iqhunyelwe yithayi okuholele ukuthi umshayeli angakwazi ukuyilawula. Imoto ibe isiginqika kaningi," kusho okhulumela abe-ER24 uPeter Rossouw.
OLUNYE UDABA: Ingozi ibulale 5 eKZN
Imoto ibihamba ku-N1 phakathi kukaBrighton Road no-Okavango Road.
Imoto ichithe abantu ababili abahlonwe njengabashonile endaweni yesigameko.
Kulimale abantu abathathu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter