Share

'UMafokate akayeke ukuba yivaka avume icala'

Midrand - Izishoshovu zifuna umculi weKwaito ophinde abengumnikazi wesitebele somculo i-999, u-Arthur Mafokate, ayeke ubuvaka.

Izishoshosvu zifuna alivume icala lokushaya umculi owayeyintombi yakhe uBusisiwe "Cici" Twala.

Le nkakha yomculo weKwaito nayo ivulele uTwala icala elifanayo.

OLUNYE UDABA:Ibe yize imizamo ka-Arthur Mafokate ecaleni abhekene nalo

UMafokate uvele eNkantolo yeMantshi yaseMidrand namuhla (ngoLwesithathu).

Isigameko senzeka ngoJuni kwadingeka ukuba uTwala ayohlinzwa esibhedlela njengoba esehamba ngemikhoba.

UMafokate ubengafuni icala lithethwe enkantolo kodwa ubefuna udaba luxazululwe ngokuthi baxoxisane ngaphandle kwenkadntolo. Yize kunjalo uMbuso utshele inkantolo ukuthi ummangali uyasichitha isicelo somsolwa.

Izishoshovu zithi uMafokate kufanele abhekane ngqo nezinsolo, aphinde atshengise ubudoda ngokuthi avume icala.

"UMafokate akenze njengoba uManana enzile, avume icala. Kuyacaca ukuthi ngeke kumhambele kahle, akalivume icala ukuze impilo izoqhubeka," kusho uThemba Masango we-NotInMyName.

UMasango uphinde wathi lo mculi uyigwala ngoba uyakwazi abhekene nakho kodwa uhlulwa ukulivume icala bese eyaxolisa.

UTwala usola uMafokate ngokumhudula ngemoto ngesikhathi bexabana, nokho lesi sihlabani siyayiziphika lezi zinsolo.

UMafokate kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngomhlaka-3 Novemba.

 - TWITTER:

- eNCA

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 441 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 935 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE