Johannesburg - Kubikwa ukuthi ugcine eliphalazile "iqiniso" umama wavuma ukuthi wanklinya ingane yakhe uMichelle Koekemoer, 9.
Le ngane yatholakala inklinyiwe embhedeni wayo kubo eVanderbijlpark, esikhathini esingangenyanga nesigamu esedlule.
Kuthiwa umama wale ngane uSonja Koekoemoer, 34, ugcine elivumile leli cala ngoLwesihlanu, kubika iVaal Weekblad.
OLUNYE UDABA: Ubulale ingane yakhe obesaba ukulahlekelwa umsebenzi
Kubikwa ukuthi lo mama wavuma emaphoyiseni ukuthi wabulala ingane yakhe.
Okhulumela amaphoyisa uSergeant Gertrude Makhale utshele abezindaba ukuthi lo mama uboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuvuma icala.
Icala lihlehliselwe umhlaka-28 Julayi, lapho kulindeleke ukuba uSonja avume icala ngokusemthethweni.