Durban – Kuthiwa umasipala weTheku uzokhipha imali elinganiselwa ku-R55 miliyoni ukuletha isihlabani somhlaba uBeyonce kwindumezulu yomcimbi i-Essence Festival Durban.
Lo mcimbi owaqala eMelika uza kuleli okokuqala ngqa kulo nyaka njengoba uzobanjelwa kuleli dolobha, kubika iSOLEZWE.
OLUNYE UDABA:UBeyonce noJay Z bafuna ukulamanisa uBlue Ivy
Baningi abaculi baphesheya okulindeleke ukuba bafike kulo mcimbi, kodwa akwaziwa kahle ukuthi bona bazokhokhelwa malini.
UTozi Mthethwa okhulumela uMasipala uthe: “UBeyonce ngeke afike kuleli, okwamanje kunohlu losaziwayo bakuleli abazonandisa kulo mcimbi, belungakaphothulwa njengoba izinhlelo namalungiselelo asaqhubeka.”