Durban – Owesilisa odume ngelika”Jesu waseShowe” uthi usaphila yena, kulandela ukuqubuka kwamahlebezi athi ushonile ngemuva kokungena ebhandeni izinsuku ezingu-40.
Amahlebezi okushona kwakhe abesabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Nokho-ke imibiko ibithi lo oshinile ngu-Alfred Ndlovu, 45, obezibiza ngoMesiya, kepha abantu bebezitshela ukuthi kushiwo u”Jesu waseShowe”.
UMoses Hlongwane, 61, uthi abantu abangakhathazeki yena usadla anhlamvana.
OLUNYE UDABA: Wayeganiwe uJesu, kusho umcwaningi
Lo oshonile kubikwa ukuthi isidumbu sakhe sitholwe ehlathini.
Ngemuva kokuzwa lezi zindaba, ithimba leLanga LangeSonto linqume ukunikela emzini kaHlongwane lamfica ehleli “nabafundi” bakhe.
“Abantu bangizondela ukuthi ngishumayela ngoNkulunkulu. Laba abafuna ngife abavele bakhohlwe ngoba ngisazophila isikhathi eside,” ezikhulumela.
Thola udaba oluphelele kwiLanga LangeSonto.