Share

UMboro ugxeke umfundisi we-Doom

Johannesburg - Umfundisi uMboro ugxeke umphrofethi weDoom wathi isenzo sakhe sihlukumeza futhi sibeka kabi amaKrestu.

ULethebo Rabalago usengumfundisi weDoom uthukuthelise iningi ngemuva kokubonakala kwesithombesakhe efutha amalungu ebandla lakhe ngomuthi wokubulala izinambuzane.

UMboro ekhuluma nabeTshisaLive ngoLwesihlanu, uzwakalise ukucasuka kwakhe ngomfundisi uLethebo, wathi le ndoda iphendula abantu izinambuzane.

OLUNYE UDABA: Inkantolo isivale umfundisi ofutha abazalwane ngeDoom

"Wehlisa abantu isithunzi ngokusebenzisa umuthi oyingozi kuzo. Ubafaka ushevu. Lawa akusiwo amandla kaNkulunkulu, kuwubuSathane," kusho uMboro.

UMboro usole uLethebo ngokufuna ukubukwa wase exwayisa ngokuthi isenzo sakhe singase senze umonakalo omkhulu emphakathini.

"Izingane zizoyibona lento mase zicabanga ukuthi kuhle ukufuthana nge-Doom emehlweni. Zizolimazana ngegama laNkulunkulu. Fanele iphele lento," kusho uMboro.

UMboro uthe usezamile ukuvakashela uLethebo ngenhloso yokuzama ukukhuluma naye kodwa amalungu e-EFF kuthiwa aseke agasela ebandleni lakhe ngaphambi kokuba kuqale inkonzo, lo mfundisi waophela endaweni.

"Ngizamile ukuhlangana anye kodwa manje sengithathe isinqumo sokungalokhu ngijahana naye. Ngizomuthandazela. Vele sengiqalile futhi sebekhona abafundisi ababalelwa kwanbanfgu-200 abazongisiza ngikhiphe leli dimoni kuye," kusho uMboro.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 19 votes
Hardly - I prefer streaming online
67% - 656 votes
Sometimes - it depends on the film release
31% - 300 votes
Vote
Rand - Dollar
19.20
-1.0%
Rand - Pound
23.88
-0.8%
Rand - Euro
20.44
-0.7%
Rand - Aus dollar
12.32
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.8%
Platinum
953.40
+0.1%
Palladium
1,035.00
0.0%
Gold
2,384.13
+1.0%
Silver
28.30
+0.3%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE