Durban – UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uWillies Mchunu ukugxekile ukubulawa kwesishoshovu se-African National Congress ehostela KwaMashu.
Le ndoda, 50, ehlonzwe ngelikaMnuz Mnqayi, kusolakala ukuthi idutshulwe kuleli hostela elidume kabi ngeSonto.
Ngokusho kwesitatimende esikhishelwe abezindaba, uMnyango kaMchunu uthe uMnqayi udutshulwe amahlandla amaningi engena ngesango KwaMazambane.
OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abayisihlanu ehostela KwaMashu - Umbiko
UMchunu uzwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko wacela izakhamuzi zasehostela ezingaba nolwazi ukuba zibikele amaphoyisa.
“Siyakugxeka kakhulu lokhu kubulala. Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sehlakalo kanti sicela ukuthi umphakathi wehlise amaphaphu udedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo.”