Johannesburg – Abahlaziyi bezepolitiki bachaze inkulumo kaMengameli Jacob Zuma njengebiduma, yejwayelekile kanti futhi isiphoxile isizwe.
Umhlaziyo waseWits University, uSolwazi Daryl Glaser, uthe uZuma wehlulekile ukuthembeka ngamaphutha akhe kanjalo nangokuqhubeka ezweni.
“Bekuyinkulumo efana nezinye ake azithula, ibizwakala iduma futhi yejwayelekile iphindaphinda amaphuzu awodwa njengaminyaka yonke.
OLUNYE UDABA: ‘Zimshubele izinto umengameli Zuma’
“Iqiniso ukuthi izwe lisenkingeni kwezomnotho nakwezombusazwe, kepha umengameli ukhethe ukukushaya indiva konke lokho,” kusho uGlaser etshela iNews24.
Umhlaziyi u-Aubrey Matshiqi uthe okwenziwe uZuma ukuthi achaze izinkinga esibhekene nazo, kepha wangazibala izixazululo.
Wathu umengameli ubashaye indiva abahlwempu kanjalo nabasebenzi, wahluleka nawukunaba ngohlelo lokwakha amathuba omsebenzi.