Midrand - Owesilisa oneminyaka engu-47 oyilunga eliphezulu lenhlangano yamaKomanisi futhi unesikhundla esiphezulu kuhulumeni wesifunda eGoli uzithole esobishini.
Lo mlisa, 47 ogama lakhe lingeke lidalulwe ngenxa yezomthetho kutholakale ukuthi ujola nentombi, 16, yendodana yakhe
OLUNYE UDABA:UMshoza uthi ngeke avume 'ukuguga ebhekile'
Kuthiwa lo baba waqala ukuphinga nale ntombazane efunda ibanga 10 ngoDisemba odlule.
Le ntombazane iyona etshele abe-Sunday World ukuthi ufuna umhlaba wonke wazi ngalo baba ngoba walala naye ngaphandle kwejazi likamkhwenyana manje usene-STI.