Malamulele – Umfundisi odume ngokushumayela ebhasini eLimpopo, owashaya intombi yakhe ukuze imdedele amankwahla, uhlawuliswe u-R9000 ngelokushaya.
"Yebo ngamshaya ngoba wayengibambe amankwahlwa ngemuva kwengxabano esabanayo. Ngangifuna angidedele,” kusho uBoy "MilliBoy" Baloyi ngesikhathi kuqhubeka icala eNkantolo yeMantshi yaseSaselamani.
NgoLwesine, imatshi, uDaniel Maluleke, uthe njengomuntu obalulekile emphakathini kumele abeyisibonelo.
Funda nalolu daba: Kuboshwe 3 ngawokubulala eMlazi
Umgwebe izinyanga eziyisithupha ebhadla ejele, kungenjalo akhokhe inhlawulo ka-R9 000.
UBaloyi waboshwa ngemuva kokushaya owesifazane emzini oseMalamulele ngoJanuwari 26.
"Awukazi ukuba yingelosi emphakathini kodwa endlini ubeyibhokisa. Indlu yakho usuyiphendule ijimu yesibhakela,” kusho uMaluleke.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.