Share

Umonakalo wesiphepho eThekwini ucishe ufinyelele ku-R600m

Johannesburg – Ikomidi eliphezulu kuMasipala weTheku selidalule ukuthi izindleko zokulungisa umonakalo wesiphepho sakamuva sezifinyelele ngaphezu kwengxenye yezigidigidi zamarandi.

NgoMsombuluko ikomidi eliphezulu ligunyaze umbiko emhlanganweni, othi imali okulindeleke kulungiswe ngayo ingqalasizinda eyalimala kunesiphepho ngomhlaka-10 Okthoba 2017 ingaphezu kuka-R576 million.

Kubikwa ukuthi ukulungiswa kwezinto zobunjiniyela kuzodla u-R308 million, ukulungiswa kwemizi khona kuzodla u-R250 million, iDisaster Management and Emergency Control izodinga u-R4.1 million, amapaki nezokungcebeleka azodinga u-R7.7 million, umsebenzi wokuhlanza nokukhuculula uzodla u-R1.3 million, ugesi uzodinga u-R2.6 million kanti owezamanzi nokuthuthwa kwendle uzodinga u-R2.3 million.

OLUNYE UDABA: Uphinde wanqatshelwa ibheyili osolwa ngokubulala umkakhe

Angu-60 amawadi akhahlamezeka kanti ingu-3 112 imizi eyathinteka.

Iningi lemizi eyathinteka, engu-2 425 kuyona iseningizimu yedolobha.

Umasipala esitatimendeni ngoMsomboluko uphinde wathi kuyaqhubeka ukubikwa kwezigameko emakhanseleni kanti nesibalo silokhu sikhule njalo, yingakho nemali ezodingeka ilokhu ishintsha.

Ngesikhathi kuhlasela lesi siphepho, kwashona abantu abangaphezu kwabayishumi abashona ngezindlela ezahlukene.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 500 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 711 votes
Vote
Rand - Dollar
18.90
+0.2%
Rand - Pound
23.86
+0.2%
Rand - Euro
20.36
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE