Kempton Park - Owesimame, 50, usakhungathekile kulandela isimo esimehlele emsebenzini wakhe.
Lo mama uthi owayengumqashi wakhe akafuni ukumkhokhela iholo lakhe futhi uvele amsabise ngevolovolo uma ethi uyolanda imali yakhe.
Lo mama usevule icala emaphoyiseni ekhala ngokuxoshwa ngokungemthetho emsebenzini kanye nokusatshiswa.
OLUNYE UDABA:Isisebenzi sasendlini sebe u-R300k sayothenga imoto nesoka
“Le ndoda yathi ifuna isisebenzi sasekhaya futhi uzongikhokhela uR200 ngosuku,”ksuho lo mama.
Uthi wayewasha, e-ayina futhi ehlanzisisa indlu enamakamelo okulala amathathu abuye aphakele nezinja.
Uthi sekushona ilanga eselindele iholo, le ndoda yadonsa ivolovolo imtshela ukuthi iyisikhulu yona futhi abangani bakhe bamlindile, uma engahambi, uzodabula amafu.