Share

UMseleku uthi isithembu sidinga umuntu ‘ojimile’

Durban - Usomabhizinisi waKwaZulu-Natal onesithembu, osephenduke isilomo ngomzuzwana, uMusa Mseleku, uthi uma unesithembu kubalulekile ukuthi usenelise ngayo yonke indlela.

UMseleku namakhosikazi akhe bafike kwezwakala nohlelo lwabo olusihloko sithi uThando Nesithembu ngesonto eledlule, olukhonjiswa ngoLwesine ngo-20:00 kuMzansi Magic, kubika iTimesLive.

Into eyagqama kakhulu ukuthi uMseleku uyindoda eyinjinga futhi ekwaziyo ukunakekela amakhosikazi ayo, kepha abanye abantu base befuna ukwazi ukuthi uwenelisa kanjani ngokocansi amakhosikazi amane.

UMseleku uthe kubalulekile ukuthi awenelise wonke amakhosikazi akhe ngokocansi, nangayo yonke indlela.

“Kuyaphoqa ukuthi ngibenelise bonke ngokulingana, ngingabi nakho ukwenzelela. Isithembu asincikile emalini nje kuphela. Asikho isikhathi sokubeka izaba, nokuthi kube khona unkosikazi osala ekhala. Kumele bonke ubenelise ngendlela efanayo,” esho.

Ube esedlulisa umyalezo wokuthi amadoda angangeni esithenjini uma “engajimile”.

OLUNYE UDABA: UMBONO: Ushukumise isizwe uMseleku

Ngemuva kwalolu hlelo iningi labesifazane libhale ezinkundleni zokuxhumana, lizwakalisa isifiso sokuba yinkosikazi yesihlanu kwazise unamane okunguMaCele, uMaYeni, uMaKhumalo noMaNgwabe.

Kulolu hlelo uMseleku ongowaseMzumbe uvele eqhakambisa isithembu sakhe nokuthi usithanda kanjani, nezinto asezenzele amakhosikazi okubalwa ukuwathengela izimoto zikanokusho nezithabathaba zemizi awakhele yona.

Engxoxweni abe nayo neLANGA LangeSonto, uMseleku obesebenza emkhakheni wezindaba oKhozini FM phambilini, uthi uthukile ngendlela abantu abalwamukele ngayo uhlelo lwakhe, njengoba kusuke inhlokomo ezinkundleni zokuxhumana.

“Nakuba ngingumuntu ongagxilile kakhulu ezinkundleni zokuxhumana kodwa okwenzekile ngesikhathi kudlala uhlelo nangemuva kwalo kungithusile kakhulu,” esho ezwakalisa ukuthi usamangele exoxa naleli phephandaba.

UMseleku uveze ukuthi uzothatha unkosikazi wesihlanu maduze.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
50% - 419 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
50% - 423 votes
Vote
Rand - Dollar
19.10
+0.5%
Rand - Pound
23.74
-0.2%
Rand - Euro
20.44
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.39
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.5%
Platinum
923.40
-0.8%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,319.01
-0.3%
Silver
27.19
+0.0%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,075
+0.9%
All Share
74,030
+0.7%
Resource 10
59,693
-2.0%
Industrial 25
102,769
+1.7%
Financial 15
15,911
+1.9%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE