Johannesburg – Owatholwa enecala lokubulala uThabo Mohapi usabise intatheli enkantolo ngesikhathi elinde isigwebo sakhe eNkantolo eNkulu yaseGoli ebihlezi ePalm Ridge ngoMsombuluko ekuseni.
IMohapi obethukuthele uthe uzosuka ebhokisini aphihlize ilaptop yale ntatheli kubuka abantu ngaphambi okuba lihlale icala.
“Ngizokutshengisa ukuthi ngingubani . Ngiyabazi ubuso bakho. Ngizothatha le laptop yakho ngiyibhanqe nodonga. Uma ngase ngikwenzakalise ngizothola izinyanga eziyisithupha, anginendaba noma ungabiza umengameli angeke akusize . Bhasobha, Usho njalo ngesikhathi esondela kule ntatheli.
OLUNYE UDABA: Usolwa ngokushaya intatheli osolwa kweyabulala uChabane
Onogada ababili babe sebevimba uMohapi ngesikhathi esondela kule nyattheli.
UMohapi ubecasulwe yile ntatheli ebizama ukuthatha isithombe sakhe ngaphambi kokuqala kwecala.
UMohapi, uGalland Holwerthy noThabiso Ldwaba batholwa benecala lokuthumba nokubulala u-Uwe Gemballa.
Icala lihlehliselwe umhlaka-4 Febhuwari.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho