Durban – Ukhihle esikaNandi owesimame ebalisa ngamawele wakhe aneminyaka emibili agwilize emfuleni oseMlazi ngempelasonto, kubika iDaily News.
Lezi zingane beziqoqa amabhodlela abedingeka kumncintiswano wesikole ngesikhathi kwenzeka lokhu. UZamo noZama Mendu basuke ekhaya kubo kwa-E nomunye umngani wabo befuna izivalo zamabhodlela.
OLUNYE UDABA:Kugwilize izingane ezintathu eKapa
Okhulumela abosizo oluphuthumayo uRobert McKenzie uthi ingane yesithatho eneminyaka engu-9 ubudala ikwazile ukubhukuda yaphuma emanzini.
“Lo mfana uhlengwe khona lapho endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa emtholampilo.
Umama walawa mawele uFikile Mendu,38, uthe ubesekhaya ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Uthe kudingeke ukuba aziyele yena mathupha emfuleni ukuyobona imizimba yezingane zakhe.