Johannesburg - Kwinkonzo yesikhumbuzo kaGugu Zulu uLetshego ubonge umyeni wakhe ngokuba iqhawe lakhe nomngani wakhe omkhulu.
Le ntokazi income imisebenzi emihle yomyeni wakhe kanye nezifiso ezinhle abebenazo ndawonye.
Uthembise ukuthi uzoqhubeka nokufundisa indodakazi yakhe ngayo yonke imisebenzi yabo njengokwezifiso zakhe.
Uthi umyeni wakhe wayefisa ukuhamba ezinyathelweni zikayise ngoba uyena muntu ayebukela kuyena, kodwa ekugcineni wenza okungaphezu kwalokhu ngoba wayesefana noyise ngqo.
Nomama kaLetshego naye udlulise ubuhlungu abuzwayo ngokulahlekelwa umkhwenyana wakwakhe.
Nansi ividiyo kwabangayibukanga le nkonzo: