Share

Usazolinda enye inyanga owatholwa nelokubulala umyeni

Johannesburg - Owesifazane owatholwa enecala lokubulala umyeni wakhe ezinyangeni ezimbili ezedlule uzolinda enye inyanga kuze kuqala ukulalelwa kwesigwebo sakhe.

Icala likaTertia Vukomanovic lihlehliswe eNkantolo eNkulu yaseGoli ebihlezi eNkntolo yeMntshi yasePalm Ridge eningizimu nempumalanga neGoli ngoMsombuluko njengoba kusalindwe eminye imibiko.

Ummeli wombuso uDavid Mothibe uqinisekise inkantolo ukuthi owezindaba zabantu uzobe eseyiqedile imibiko uma uVukomanovic esevela enkantolo.

OLUNYE UDABA: UReeva wayesaba uPistorius-Nel

UVukomanovic‚ 30‚ wadubula wabulala umyeni wakhe uTomislav‚owayeneminyaka engu-32 ubudlala ngesikhathi sesigameko emdubula engale kwesicabha emzini wabo oseNorwood ngonyaka wango-2013 ku-Okthoba.

UVukomanovic wathi wayezivikela wathi futhi umyeni waklhe wayenodlame futhi emhlukumeza.

UVukomanovic wethula ubufakazi wathi wadubula umyeni wakhe ngemuva kokuba emhlaselile kodwa imibiko ithi wadubula engale kwesicabha.

IJaji uTshifhiwa Maumela wathola uVukomanovic enecala ngoDisemba.

Ibheyili kaVukomanovic yemali engu-R5 000 yeluliwe kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka7 Mashi.

 - TMG

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 481 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1066 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE