Pretoria –Amaphoyisa asebophe umama wengane enezinyanga ezimbili izelwe etholwe eduzane nojantshi eCullinan, empumalanga nePitoli.
Lo mama oneminyaka engu-23 ubudala uboshwe ngoMsombuluko ekuseni ngokulahla ingane.
Okhulumela amaphoyisa uConstable Connie Moganedi uthe lo wesifazane uye esiteshini samaphoyisa eyobika ukuthi webelwe ingane.
OLUNYE UDABA: Itholelwe ikhaya ingane etholwe eduzane nojantshi
“Uthe ingane yakhe yebiwe kodwa wagcina evumile ukuthi ingane uyishiye eduzane nojantshi kanti kuzwakale ukuthi ubefuna ukuya ephathini,” kusho uMganedi.
Lo mama ulindeleke ukuba avele enkantolo amduze.
Ngaphambilini abeNews24 babike ukuthi le ngane iasitholelwe ikahya elisha.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho