Share

Usencamela ukubuyisela emuva amalobolo osekhathele wucansi

Johannesburg - Kubukeka sengathi iphupho lakhe lokushada ngelinye ilanga ngeke lisaphumelela nakuba amalobolo esekhokhiwe kubo owesifazane.

U-Anathi Nomeva, 20, uthi isoka lakhe seliphenduke umuntu othanda ucansi, uthi lifuna balwenze kathathu njalo ebusuku.

Manje lona wesifazane waseSilver City eMangaung akasafuni ukushada, uthi uncamela ukubuyisela emuva amalobolo.

“Okwamanje ngisahlanganise ingxenye ka-R6 000 yamalobolo akhishwa ekhaya,” kusho u-Anathi.

Uthe usekhathele yilobu budlelwane osebudonse iminyaka emibili.

Utshele iDaily Sun ukuthi ngemuva kokuba isoka lakhe selikhokhe amalobolo, laqala ukufuna kakhulu ucansi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umfundi ngokudlwengula obedakiwe

Uthe: “Uhlezi efuna ucansi, ngisho ngingafuni mina. Ukwenza ucansi kufanele kube yinto emnandi, hhayi ebuhlungu. Uma eqhubeka nokwenza le nto ngeke sishade, yini engilindile uma sesishadile?

“Sihlala ndawonye emqashweni, kodwa ngeke ngize ngiyibekezelele into engihlukumezayo. Ungenza isigqila socansi. Uluthanda kakhulu ucansi.”

Uthi usewubikele umndeni ngalolu daba futhi akasahlali nalo isoka lakhe. Lona wesifazane uthi ucabanga nokuyofuna incwadi yesivimbelo enkantolo.

Isoka lakhe, uMvuyisi Jembula, 42, lithe u-Anathi unamanga futhi uphuza utshwala ngokweqile kumanje akamazi nokuthi ukuphi, selokhu ehambe ngoMsombuluko owedlule.

“Sivamile ukwenza ucansi kodwa hhayi njalo. Angifune lutho olungihlanganisa naye.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
President Cyril Ramaphosa will sign the National Health Insurance Bill into law this week.
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
At last. The NHI will improve healthcare for all South Africans.
4% - 14 votes
Cheap politicking before the election. Challenge the Bill in court.
90% - 314 votes
I don't have strong feelings about the NHI either way.
6% - 22 votes
Vote
Rand - Dollar
18.39
-0.1%
Rand - Pound
23.15
-0.4%
Rand - Euro
19.90
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.17
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.0%
Platinum
1,035.30
+3.4%
Palladium
980.50
+1.7%
Gold
2,355.70
+0.9%
Silver
28.52
+1.1%
Brent Crude
83.36
+0.7%
Top 40
72,372
-0.1%
All Share
78,633
-0.1%
Resource 10
62,434
-0.6%
Industrial 25
110,498
+1.1%
Financial 15
16,818
-1.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE