East Rand - Unogada osebenzela iFidelity Security usesimweni esibucayi kulandela isehlakalo sokudutshulwa ngaseJet Park eGoli.
Abosizo lokuqala bafike kule ndawo bathola imoto ephatha imali eceleni komgwaqo, kubika iBoksburg Advertiser.
“Owesilisa utholakale elele eceleni komgwaqo abanye beyaluza khona kule ndawo,”kusho uRussel Meiring okhulumela i-ER24.
OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa unogada phambi kwesonto
Exilongwa, lo wesilisa ubenamanxeba okudutshulwa emilenzeni nasezingalweni, uphuthunyiswe esibhedlela i-Life Glynnwood.
Kuthiwa labonogada bebesebenza kwisakhiwo esikumgwaqo i-Kelly Road ngesikhathi kufika oshayasibhamu bebahlasela.