Johannesburg - Indoda ebijaha ithikithi le-lotto ishayiswe yimoto yashona ku-N1 North eRivonia eSunninghill ngoMgqibelo, kusho abosizo lokuqala.
Kukholakala ukuthi ikthikithi liphephuke nomoya laphuma ngewindi kuthela wayeka, kusho we-EMERG-GMED uMax Cohen.
OLUNYE UDABA: Walahlekelwa yithikithi leLotto, umngani wathenga i-BMW
UCohen uthe kukholakala ukuthi le ndoda ebalelwa emnyakweni eko-30 ubudala ime eceleni komgwaqo yashiya umkayo emotweni nengane eneminyaka emithathu ubudala emotweni iyolanda ithikithi.
"Ngesikhathi iwela uthelawayeka ishayiswe yimoto yohlobo lwe-Jeep, kwavele kwayisibhicongo sengozi izimoto zashayisana, kubandakanyeka izimoto ezinghlanu nezithuthuthu ezimbili," kusho uCohen.
Balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane abasheyili bezithuthuthu kulandela ukulimala.
Kube sekubizelwa iziphathimandla endaweni yesigameko ukuze zizophenya.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter