Share

Usomatekisi obulewe watshelwa ukuthi izinsuku zakhe zibaliwe

Springs - Usomatekisi u-Elfas Mzolo, 53, kanye nomshayeli wakhe uDumisani Sithole badutshulwe amahlandla ambalwa erenki yamatekisi kwaThema, eSprings.

Ngokubika kweSowetan, uMzolo ushonele endaweni yesigameko kanti uSithole ubangwa nezibi esibhedlela.

Ngokusho kwamaphoyisa, laba bahlaselwe yiqulu lamadoda ngo-21:00 ebusuku elifike lavulela ngenhlamvu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Johannes Ramphora uthe baphenya icala lokubulala kanye nokuzama ukubulala.

Umngani kaMzolo obuye abe nguzakwabo kule mboni uSbusiso Mtshali uthi emasontweni amabili adlule umngani wakhe wamtshela ukuthi kukhona omshayele ucingo wamtshela ukuthi izinsuku zakhe sezibaliwe.

"Wangitshela ukuthi lo muntu wathi umi endleleni yakhe. Akazange angitshele ukuthi yini le okuthiwa akayiyeke.

"Angikholwanga uma ngibona isidumbu sakhe ngoba benginaye khona erenki ngalolo suku," kusho uMtshali.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi eThekwini

UMtshali uthi yena noMzolo bebesanda kubasa ukuze bafudumale ngoba bebematasa nomsebenzi wamatekisi ahambela esifundazweni i-Eastern Cape.

"Ngimshiye ngemuva kokuthi ngifonelwe yintombi yami. Ngemuva kwemizuzu embalwa kungene ucingo oluthi uMzolo noSithole sebedutshuliwe," kuqhubeka uMtshali.

UNhlakanipho Mzolo, 20, oyindodana kamufi uthe uyise ubengumuntu onothando futhi ethanda ukuncokola.

"Ubewuthanda umndeni wakhe. Impilo isazobanzima kakhulu ngaphandle kwakhe," kusho yena.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
34% - 383 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
66% - 745 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
-0.2%
Rand - Pound
23.68
-0.2%
Rand - Euro
20.22
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.19
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
980.30
+0.5%
Palladium
1,019.00
-0.4%
Gold
2,373.64
-0.4%
Silver
28.34
-1.9%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
66,934
-2.1%
All Share
73,023
-2.0%
Resource 10
61,692
-3.4%
Industrial 25
98,294
-1.9%
Financial 15
15,656
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE