Durban - Umndeni wosana olushe lwashon emzini osendaweni yaKwaMashu ngempelasonto usashaqekile kulandela isigameko.
Kwaqubuka umlilo emjondolo womndeni ngesikhathi usana lomfana lulele.
Kukholakala ukuthi umama walolu sana waphuma waya esitolo ngesikhathi kwenzeka isigameko.
OLUNYE UDABA: Lushe lashona usana ubelushiywe lodwa emjondolo
Ubaba wosana uThulani Ntshapheka uthe akanawo amazwi ngokwenzekile.
"Kunzima ukukhuluma uma kwenzeke into ekanje, asazi sithini kodwa siyezama ukubhekana nesimo," usho njalo.
AboMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni ugxeke isigameko wase uxwayisa abazali abashiya izingane zabo zodwa, kubika iNewswatch.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter