Johannesburg - UMathapelo ubonga umama wakhe osashona njengoba esaphila nanamhlanje kulandela ukumxwayisa kwakhe ngokuthi angalali endlini.
Ngalobo busuku axwayiswa ngabo ngunina kwadilika indlu kamakhelwane yawela phezulu kwendlu kamama wakhe.
UMathapelo Tsumane,56, wase-Alexandra eGoli ubonga unina ongasekho.
Funda nalolu daba: Ophila nokukhubazeka uthi nabo bayaluthanda ucansi
Uthi yena nomndeni wakhe ngabe abasekho emhlabeni ukuba babesendlini ngesikhathi kudilika indlu kamakhelwane, akulimalanga muntu.
UMathapelo uthe bebehlele ukuhlala endlini kamama wakhe kuze kube ngunyaka ozayo uma sebenza umsebenzi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.