Johannesburg - Umsakazi weKAYA FM, uBob Mabena, kanye nonkosikazi wakhe u-Eucharist Hadebe, bamukele ingane yomfana emndenini wabo ngoLwesihlanu.
Le nkakha yomsakazi eneminyaka engu-45 ubudala ishadelwe ngonyaka odlule nalesi sinqandamathe sayo, emshadweni wesuntu owawusePimville, Soweto.
Umthombo osondelene nalezi zithandani uthe u-Eucharist ubelethe ingane ngemuva kokuhlinzwa.
Funda nalolu daba: Umlingisi uphika imizamo yokuzibulala
Umthombo uphinde wathi: “Ngijabule ngokuthi ekugcineni uBob no-Eucharist sebethole ingane. Engathi uNkulunkulu angababusisa.”
Omunye umthombo uthe: “Ingane yabo iyisibobakaliso sezinto ezinhle ezisazovela othandweni lwabo, ngoba u-Eucharist ubehlale engakuBob nasebunzimeni.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.