Durban – Umfana ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuhluleka ukulawula i-skateboard abentweza ngaso, wase eyoshayisa isigxobo, eKloof, KwaZulu-Natal.
Lesi sigameko senzeke kuRidge Road ngoMsombuluko, kusho okhulumela iNetcare911 uChris Botha.
OLUNYE UDABA: Kulimale umfana engozini eCenturion
"Imibiko evela endaweni yesigameko itshengisa ukuthi lo mfana, 13, ubentweza esuka phezulu egqumeni ngesikhathi ehluleka ukulawula i-skateboard sakhe.
“Utholakale edindilize phansi elimele.”
Abosizo lokuqala bamnikeze usizo endaweni yesehlakalo ngaphambili kokumdlulisela esibhedlela.